Posts

ILABATHEKA/INKOMFE

Image
Indoda Yamaqiniso | Tuesday, June 21, 2022 Lelikhambi ngesiZulu silibiza ngokuthi yilabatheka/yinkomfe/yidumbe lentaba. KwaXhosa bathi yinongwe/yixhalanxa, yikhubalo lezithunzela. Umuthi lona oyikhubalo nonamandla amakhulu nasabekayo. Akuyona into yokudlala. Uyaphilisa, uyabulala futhi. Umuthi wezimanga lona okuthi uma uwudlile, noma uwudla, kungabi nasifo nesisodwa esikwazi ukumelana nomzimba wakho. Uma uye emtholampilo bakutshela ukuthi unegciwanethizeni, leli abathi alilapheki, lomuthi, uthakwe nomunye noma uwodwa, uyawusebenzisa njengomshanguzo. Angizikukhuluma okuningi ngalo la esidlangalaleni ngoba ngizoboshwa, nezifundiswa zithi ngidukisa abaNtu, nazo zibe zingazi lutho. Mina ngilibiza ngoNkulunkulu wemithi. Uma ngihlanganisa izinganisela zamakhambi angilishiyi nangephutha. Uma ngingalifakile, kuyefana nokuthi kushodwa uhhafu wonke walokhu engisuke ngikuhlanganisa. Yilona elikwazi ukuvusa yonke imithi osuke uyisebenzisa ibe namandla, ngolimi lwezilwane ez

UMNUKELAMBIBA

Image
Indoda Yamaqiniso | Wednesday, June 29, 2022 Lomuthi olimini lwesiZulu siwazi ngokuthi umnukelambiba/umsanga/umwashampunzi/unukambiba/umnukambiba etc. kuye ngokuthi niwubiza kanjani esigodini sangakini. KwelakwaXhosa bathi umtuto)umnukandiba/isifutho iIsitutu. Lona umuthi oyisihlahla esinamahlamvu omila endaweni eminyene, ehlathini. Umila neminye imithi, awumi wodwa. Bayakwazi ke ofeleba ukuwenza induku ozoshaywa ngawo ukuze unuke kubaNtu, ube nephunga elibi ngisho ugezile. Ngisho ungaziqhola ngamakha abizayo, kuyazifanela nje. Bayawuthaka ke neminye imithi ukwenza lokhu, kugaywe esibi sichitho lesi. Njengoba ke sazi ukuthi iva likhishwa ngelinye iva, muhle kakhulu ekwelapheni umuNtu oshaywe ngayo lenduku, njengoba ngendlale ngenhla. Uphinde ube wugalagala emithini yokugeza idlozi elingcolile/elingcolisiwe/okugangwe ngalo (ukukhulula abaNtu abadala abagqilaziwe/abathunjiwe). Izimpande zawo lomuthi zibizwa ngokuthi “uMxolisi”. Zibizwa kanjena nje yingoba uma wonile ethongwe

NGABE KANTI UBANI UMDALI/UNKULUNKULU, IZINGELOSI/IZITHUNYWA, AMATHONGO NAMADLOZI?

Akukho ukungabaza okumele kube khona ekutheni omkhulu komkhulu - uNkulunkulu, ukhona futhi uyaphila. Indaba isekukuqondeni kwakho ukuthi uyini, nokuthi ukhetha ukumubiza ngani. Akayena umuNtu, kodwa unezidalwa ezingaphezu komuNtu ezimele yena nakakhuluma kuzona, ngqo!!! Genesis 1:26 “Masakhe isidalwa esingumfanekiso wethu, esizofana nathi siphinde sibe nofuzo[ulibofuzo] lwethu” Akuyena umuNtu oyedwa owabe ekhuluma lapha, kodwa kwakuyisivumelwano phakathi kwezwi nomqondo ongaphezu kwakho, likhuluma nalabo abaseduze kwalo abakhiwe bafana nathi nokuyibona abakha thina. Yilezi zidalwa esithi thina yizingelosi. Encwadi ka-Enoch, neyakhishwa ngama-Roma ohlwini lwezincwadi ezisebhayibhelini, u-Enoch lamadoda uwabiza ngokuthi “abaqaphi”, phecelezi “The Watchers”. Lezi yizidalwa ezehlukene kaningi, eziyingxenye yezwi nomqondo okungaphezu kwakho konke, lokhu esithi uNkulunkulu, nesingakwazi futhi esinge sikwazi thina ukuxhumana naye ngqo. Uma sisaphila enyameni, ukuze sifinyelele kuyena kumele s

SIYABUSISWA ISANDLA ESIPHAYO; NENHLIZIYO EMNENE, ENOZWELO, UTHANDO NOBUBELE.

Uboke umusize nje umuNtu wesifazane ngaphandle kokuthi ufune ukuba akwebele isinene. Uma usiza omunye umuNtu, kungaba ngowesilisa noma owesifazane, usuke ungamenzeli i-favour. Empeleni usuke uzisiza wena uqobo. Ukuthi uyakwazi lokho noma awukwazi, esinye isihloko leso. Kunesizathu esikhulu nesicashile ekutheni umuNtu adlule bonke abaNtu azocela usizo kuwe. Ungakusebenzisi lokho kabi ngoba uzoshayeka. Lento ifana ncimishi nokuthi ubuke umuNtu wesifazane umthande, usuke uzitshela ukuthi uwena okuthandayo, kanti empeleni akuwena. Yilabo ohamba nabo abakwembethe. Kwesinye isikhathi kusuke kungesikho ukuthi lomuNtu useyogcagcela kini, noma usuyogcagca kubo, kodwa kukhona intwana nje okumele umsize kuyo, bese uyachitheka umncindo. Imimoya yabaNtu abadala isebenza ngendlela yayo ehlukile neningi lethu elingayiqondi neze. Ngike ngaxoxa nomunye ocingweni, ngamxoxela ukuthi empeleni into yokuthi abaNtu bayelaphana ngokocansi iyinto ekhona nesebenzayo. Inkinga enkulu isekutheni lokhu kusetshenzis

UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.

Idlozi elingageziwe liyenzisana amanyala angamukelekile osikweni-mpilo lwakobaNtu. Lokhu kuhlanganisa: * Ubufebe(okudalwa yimizwa ephezulu nengalawuleki. * Ukuphuza utshwala ngokweqile, ungakwazi ukuzilawula, uphuze ngisho usungathandi nawe uze ubone ukuthi kunalento ekuphuzisa utshwala ngenkani. Abanye baze babone izinto eqzifihlakele uma bephuzile kuphela, ezithole esehlolela abaNtu khona la. * Ukuthanda ukulala nabaNtu bobulili obufana nobakho; noma ufune ukuzenza ubulili okungebona obakho. * Ukuganga, ukhuzwe ngapha nangapha, uyeba, awufuni ukuphila impilo eqondile nokugcina kukwenze uphume ungena emajele; nokugcina ekufeni. Kuningi kakhulu engingakubala. Inkinga enkulu ke isekutheni noma umuNtu esekutholile ukuthi unabaNtu abadala, abaNtu abazibiza ngabelaphi, ogobela, iningi lapho liyehluleka ukuhluza isimo sedlozi eliphila kuloyo muNtu, ukuze lelapheke phela, umuNtu abuyele esimweni sempilo eqondile. Into eyenzekayo ukuthi abaNtu bayangena emaphehlweni, benziwe into okungeyona a

UKUBALULEKA KOKUTHANDA IZINWELE ZETHU NJENGOBA ZINJALO.

Image
Indlela ozibuka ngayo izoshintsha indlela obuka ngayo izinto, iphinde ishintshe indlela wena obukeka ngayo emphakathini nasezweni jikelele. Kuqala kuwe ngaphakathi, ngokuthi uzithande wena, uziqhenye ngesidalwa odaleke waba yisona. Kuzokwenza ubone ukubaluleka kwesidalwa oyisona, nesidingo sokuthi usivikele ekutheni igazi lethu lingadungeki, futhi kungabi bikho okusihlanganisa nezinye izizwe, ngaphandle kokuhwebelana.  Ikusasa lanoma yisiphi isizwe lilele kulokhu. Kanjalo nokubulawa kwaso, vice-versa. Lesi yisisekelo esibalulekile okumele sisakhele izingane zethu. Masifundise abesifazane bethu khona bezofundisa izingane zethu, ukuthi mabayeke lamanyala okushisa izinwele zabo, maqede bezilalise phansi, befuna ukuba zibukeke njengezezizwe ngokudalwa esingaphezulu kwazo. Izinwele zethu azidalelwala ukulala phansi njengezalabo abaphuma emigedeni yeqhwa. Zidalelwe ukubhela phezulu zixhumane nelanga. Singabantwana belanga u-Amun Ra - izidalwa ezinebala elimnyama. Yingakho thina ngokudalwa kw

NGABE USIKO YILONA OLUYINKINGA, NOMA YINDLELA YOKUZIPHATHA?

Indoda Yamaqiniso | Wednesday, January 19, 2022 Uma abaNtu besifazane becabanga ukuthi usiko luyabacindezela uma kuthiwa indoda akumele ithathe umuNtu wesifazane osezele njengomfokazi wokuqala, kungani bengakucabangi futhi bengakusho ukuthi usiko luyabacindezela abesilisa ngokuthi yibona abalobolayo, bekhiphe izibizo, benze ama-loan asabekayo ukuze ashade yena emulethe emzini wakubo? Kungani bengakucabangi ukuthi umuNtu odlula kubo bonke lobu bunzima, egameni lokuba nomfazi, unelungelo lokuzikhethela ukuthi udinga UmuNtu onjani emabaleni akubo, elandela usiko nemikhuba yakubo, yabadala abazayinzalabaNtu kuyena? Kungani lejenda ifuna ukuphoqa ukuthi ithathwe ngenkani? UmuNtu ofuna ukuthatha umuNtu osezele unelungelo lokukwenza lokho. Naloyo ongafuni naye futhi unelungelo lokukwenza lokho, aphinde abe nelungelo lokukhuluma esidlangalelani ngokuthi luthini usiko lokhokho bethu. UmuNtu engimzwelayo mina nengingama naye, yiloyo owanukubezwa, wadlwengulwa wagcina ngokuthola ingane engahlosil