UKUBALULEKA KOKUTHANDA IZINWELE ZETHU NJENGOBA ZINJALO.
Indlela ozibuka ngayo izoshintsha indlela obuka ngayo izinto, iphinde ishintshe indlela wena obukeka ngayo emphakathini nasezweni jikelele. Kuqala kuwe ngaphakathi, ngokuthi uzithande wena, uziqhenye ngesidalwa odaleke waba yisona.
Kuzokwenza ubone ukubaluleka kwesidalwa oyisona, nesidingo sokuthi usivikele ekutheni igazi lethu lingadungeki, futhi kungabi bikho okusihlanganisa nezinye izizwe, ngaphandle kokuhwebelana.
Ikusasa lanoma yisiphi isizwe lilele kulokhu. Kanjalo nokubulawa kwaso, vice-versa. Lesi yisisekelo esibalulekile okumele sisakhele izingane zethu.
Masifundise abesifazane bethu khona bezofundisa izingane zethu, ukuthi mabayeke lamanyala okushisa izinwele zabo, maqede bezilalise phansi, befuna ukuba zibukeke njengezezizwe ngokudalwa esingaphezulu kwazo.
Izinwele zethu azidalelwala ukulala phansi njengezalabo abaphuma emigedeni yeqhwa. Zidalelwe ukubhela phezulu zixhumane nelanga. Singabantwana belanga u-Amun Ra - izidalwa ezinebala elimnyama.
Yingakho thina ngokudalwa kwethu singayidingi imikhiqizo le egcotshwa yilaba engikhohlwa amagama abo uma beya elangeni olwandle (sunscreen) ngoba ilanga lingukuphila kwethu.
Comments
Post a Comment