NGABE KANTI UBANI UMDALI/UNKULUNKULU, IZINGELOSI/IZITHUNYWA, AMATHONGO NAMADLOZI?
Akukho ukungabaza okumele kube khona ekutheni omkhulu komkhulu - uNkulunkulu, ukhona futhi uyaphila. Indaba isekukuqondeni kwakho ukuthi uyini, nokuthi ukhetha ukumubiza ngani. Akayena umuNtu, kodwa unezidalwa ezingaphezu komuNtu ezimele yena nakakhuluma kuzona, ngqo!!!
Genesis 1:26
“Masakhe isidalwa esingumfanekiso wethu, esizofana nathi siphinde sibe nofuzo[ulibofuzo] lwethu”
Akuyena umuNtu oyedwa owabe ekhuluma lapha, kodwa kwakuyisivumelwano phakathi kwezwi nomqondo ongaphezu kwakho, likhuluma nalabo abaseduze kwalo abakhiwe bafana nathi nokuyibona abakha thina. Yilezi zidalwa esithi thina yizingelosi. Encwadi ka-Enoch, neyakhishwa ngama-Roma ohlwini lwezincwadi ezisebhayibhelini, u-Enoch lamadoda uwabiza ngokuthi “abaqaphi”, phecelezi “The Watchers”.
Lezi yizidalwa ezehlukene kaningi, eziyingxenye yezwi nomqondo okungaphezu kwakho konke, lokhu esithi uNkulunkulu, nesingakwazi futhi esinge sikwazi thina ukuxhumana naye ngqo. Uma sisaphila enyameni, ukuze sifinyelele kuyena kumele sixhumane nalezi zidalwa, bese kuba yizona ezisikhulumela naye. Enye indlela yokuxhumana naye ngqo ukuthi ufe, nakhona uma ufa, kumele ube ngumuNtu owenze kahle emhlabeni, ukuze uzokwazi ukukhuphukela esigabeni sokuba yingelosi.
Izingelosi ke lezi sizibiza ngezinto eziningi, kuye ngokuhlukana kwazo. Kwezinye isikhathi siyabhidanisa ukuzibiza ngenxa yokwentula ulwazi. Yizo kanye lezi zingelosi esizibiza ngokuthi amadlozi, izidalwa namathongo, njalonjalo. Obabamkhulu babekwazi futhi bekuqondisisa kahle lokhu ngaphambi kokuthi kungene omubi phakathi kwethu esidukise, esiphithanise nomqondo, kusetshenziswa incwadi emnyama.
Njengoba izwi lasho ukuthi ‘masakhe isidalwa esifana nathi nesifuze thina’ lokhu kukwenza kucace, futhi kubelula ukukuqonda ukuthi empeleni siyizingelosi thina uqobo, singuNkulunkulu ophindaphindekile. Njengoba sikulomhlaba sitshaliwe khona, siyakhuliswa ngokomoya nokuyolawulwa yizinqumo nezenzo zethu siselana.
Umhlaba ngingacishe ngiwufanise nensimu la utshale khona izitshalo, uvune ezinhle uzihambise ekhaya, lezo ezibolile zowele phansi, zivundise, zikhiphe imbewu ezoqhuma kabusha ize ikhiphe izithelo ezamukelekile.
Kunjalo ke nakumuNtu, engafa namuhla, kodwa uma engenzile kahle akakwazi ukwamukeleka emathongweni, uba yingelosi esezingeni eliphansi nezobuya emhlabeni ngezindlela ezehlukele ukuba izolungisa iziphambeko zayo:
1. Izobuya ngokuthi izalwe kabusha, lokhu abathi phecelezi ‘re-incarnation’; noma
2. Ingene kumuNtu ophilayo ukuba ayilungisele la ingenzanga kahle khona, bese iyamubonga ekugcineni. Yilokhu esithi yidlozi, la umuNtu esuke ebanjwe khona ngesidlozana yilomoya wengelosi ozungezayo ngingayitholi indawo phakathi kwezingelosi eziseduze kwezwi elikhulu, uMvelinqangi.
Yingakho kuthiwa ekuqaleni kwakukhona uLizwi/izwi, nokungeyena umuNtu. Lawa amandla okunzima ukuwachaza nafana ne-computer enkulu, thina sonke nakho konke okukhona ngaphambi kwethu nangale kwethu kuxhumene nawo, bese kuhlukana amazinga okuxhumana nemithetho yakhona.
Into eyenza ukuthi singayiqondi indaba yedlozi yinkolo yamankengane, ama-Roma, nokuyiwona afika efuna ukudla umhlaba wonke esebenzisa ukulutha imiqondo ukuze ayilawule ngokuphelele.
Comments
Post a Comment