UMNUKELAMBIBA

Indoda Yamaqiniso | Wednesday, June 29, 2022

Lomuthi olimini lwesiZulu siwazi ngokuthi umnukelambiba/umsanga/umwashampunzi/unukambiba/umnukambiba etc. kuye ngokuthi niwubiza kanjani esigodini sangakini. KwelakwaXhosa bathi umtuto)umnukandiba/isifutho iIsitutu.

Lona umuthi oyisihlahla esinamahlamvu omila endaweni eminyene, ehlathini. Umila neminye imithi, awumi wodwa.

Bayakwazi ke ofeleba ukuwenza induku ozoshaywa ngawo ukuze unuke kubaNtu, ube nephunga elibi ngisho ugezile. Ngisho ungaziqhola ngamakha abizayo, kuyazifanela nje. Bayawuthaka ke neminye imithi ukwenza lokhu, kugaywe esibi sichitho lesi.

Njengoba ke sazi ukuthi iva likhishwa ngelinye iva, muhle kakhulu ekwelapheni umuNtu oshaywe ngayo lenduku, njengoba ngendlale ngenhla. Uphinde ube wugalagala emithini yokugeza idlozi elingcolile/elingcolisiwe/okugangwe ngalo (ukukhulula abaNtu abadala abagqilaziwe/abathunjiwe).

Izimpande zawo lomuthi zibizwa ngokuthi “uMxolisi”. Zibizwa kanjena nje yingoba uma wonile ethongweni usebenzisa sona ukushweleza. Uma kushwelezwa, akumele zisale. Uma ungumuNtu oshisa impepho ekhaya, uMxolisi makabe ngumngani wakho ngoba kumele uhlale uhlambulukile ngaphambi kokuba uzosondela emsamo. Awukwenzi ukuthi uthi usuka entombini, wena bese ugaqela emsamo unjalo. Cha, lokho ukwenza uma ukade unomfazi wasekhaya kuphela nothelwe ngenyongo wabikwa ethongweni.

Yingakho kubalulekile ukuthi umuNtu othinta umsamo ekhaya makube ngumuNtu oqondile. Kodwa-ke, angikho lapho.

Uma wazi ngaphakathi kuwe ukuthi kukhona okungalungile okwenzile, noma uke wathinta imithi emibi, dlula kuMxolisi kuqala. Uma kuthiwa ufulathelwe yidlozi, uMxolisi uyena okwazi ukukulamulela.

Bengisika nje kwelijiyayo. Angiyona inyanga.

Comments

Popular posts from this blog

ILABATHEKA/INKOMFE

UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.