SIYABUSISWA ISANDLA ESIPHAYO; NENHLIZIYO EMNENE, ENOZWELO, UTHANDO NOBUBELE.
Uboke umusize nje umuNtu wesifazane ngaphandle kokuthi ufune ukuba akwebele isinene. Uma usiza omunye umuNtu, kungaba ngowesilisa noma owesifazane, usuke ungamenzeli i-favour. Empeleni usuke uzisiza wena uqobo. Ukuthi uyakwazi lokho noma awukwazi, esinye isihloko leso.
Kunesizathu esikhulu nesicashile ekutheni umuNtu adlule bonke abaNtu azocela usizo kuwe. Ungakusebenzisi lokho kabi ngoba uzoshayeka. Lento ifana ncimishi nokuthi ubuke umuNtu wesifazane umthande, usuke uzitshela ukuthi uwena okuthandayo, kanti empeleni akuwena. Yilabo ohamba nabo abakwembethe. Kwesinye isikhathi kusuke kungesikho ukuthi lomuNtu useyogcagcela kini, noma usuyogcagca kubo, kodwa kukhona intwana nje okumele umsize kuyo, bese uyachitheka umncindo.
Imimoya yabaNtu abadala isebenza ngendlela yayo ehlukile neningi lethu elingayiqondi neze. Ngike ngaxoxa nomunye ocingweni, ngamxoxela ukuthi empeleni into yokuthi abaNtu bayelaphana ngokocansi iyinto ekhona nesebenzayo. Inkinga enkulu isekutheni lokhu kusetshenziswa kabi yizinyanga-mbumbulu uma zifuna ukushaya isinqa ezigulini zazo ezisuke zihluphekile.
Kuyenzeka lokhu kubaNtu nje jikelele, kodwa bona basuke bengakwazi lokho.
Uma uthola ithuba lokusiza omunye umuNtu ungalinge ukuthathele phansi, noma ufune ukuzibeka phezulu kuloyo muNtu, ukusebenzise lokho ukuzijabulisa wena nezimfuno zakho ezingalungile.
Uma umuNtu usumsizile, akakukweleti lutho loyo muNtu. Uwena uqobo osuke uthathe isinqumo ngaphakathi emoyeni wakho ukuba umsize. Ungalinge nangelinye ilanga uzame ukukusebenzisa lokho owakwenzela yena ukumubamba ngamatomu ngoba umubona espgumelele ngaphezu kwakho.
Uzwe umuNtu ethi:
“Nimubona nje usibanibani akasangazi nokuthi ngiyini, kodwa nimubona nje wasizwa yimi lo”.
Akakukweleti lutho loya muNtu, ngaphandle ke uma akuthembisa ngomlomo wakhe ukuthi kukhona ayokwenzela khona. Okuhle okwenzela omunye umuNtu nakanjani uyawuthola umklomelo wakho lokho, kusuka kubaNtu bakubo abahlangane nabakini becela ukuthi wena umusize.
Kungenza kuwe ngqo usaphila, noma esendeni lakho, izizukulwane nezizukulwane zazo.
Comments
Post a Comment