NGABE USIKO YILONA OLUYINKINGA, NOMA YINDLELA YOKUZIPHATHA?

Indoda Yamaqiniso | Wednesday, January 19, 2022

Uma abaNtu besifazane becabanga ukuthi usiko luyabacindezela uma kuthiwa indoda akumele ithathe umuNtu wesifazane osezele njengomfokazi wokuqala, kungani bengakucabangi futhi bengakusho ukuthi usiko luyabacindezela abesilisa ngokuthi yibona abalobolayo, bekhiphe izibizo, benze ama-loan asabekayo ukuze ashade yena emulethe emzini wakubo?

Kungani bengakucabangi ukuthi umuNtu odlula kubo bonke lobu bunzima, egameni lokuba nomfazi, unelungelo lokuzikhethela ukuthi udinga UmuNtu onjani emabaleni akubo, elandela usiko nemikhuba yakubo, yabadala abazayinzalabaNtu kuyena?

Kungani lejenda ifuna ukuphoqa ukuthi ithathwe ngenkani? UmuNtu ofuna ukuthatha umuNtu osezele unelungelo lokukwenza lokho. Naloyo ongafuni naye futhi unelungelo lokukwenza lokho, aphinde abe nelungelo lokukhuluma esidlangalelani ngokuthi luthini usiko lokhokho bethu.

UmuNtu engimzwelayo mina nengingama naye, yiloyo owanukubezwa, wadlwengulwa wagcina ngokuthola ingane engahlosile.

Abanye, angazi futhi angiqondi ukuthi umsindo ongaka owani. Uma wenza ucansi ungagcagcile usuke uthatha i-risk enkulu kabi. Unelungelo lokwenqaba. Uma uvumile, konke okuzokwenzeka emumva kwalokho kuyiphutha lakho nawe.

Musa ukuba yiqili ke, uphushele iphutha lakho komunye umuNtu sengathi wakubamba ngenkani.  

AbaNtu besilisa, ngokudaleka kwabo, bangosomathuba, bahlale bevukelwe futhi banamanga. Basebenzisa amanga ukuze bathole lokho abasuke bekubona ngaleso sikhathi.

Yingakho-ke kwabonakala isidingo sokuba kuqiniswe isandla kwabesifazane, bafundiswe ukuziphatha kahle. Ngokwenza lokhu, kusuke kungacindezelwa owesifazane, kodwa AbaNtu abadala babehlakaniphile futhi bazi ukuthi izikhiye zonke zilele kowesifazane.

Uyena ovalayo, uyena ovulayo futhi. Uma kwenzekile, kusuke kuyintando nokufisa kwemizwa yakhe ngaleso sikhathi.

Inkinga enkulu esibhekene nayo njengamanje abaNtu besifazane abamuncu nabangafuni ukuthatha i-accountability ngezinqumo zabo.

Ngalombhalo wami angisho ukuthi umuNtu wesifazane ozele akumele athathwe enziwe umfazi, nokuthi mina ngeke ngimthathe umfazi osezele. Ngizama ukubhekana nolaka lwabesifazane abalubhekise kulabo abathi ngeke bekwenze lokho. Alunasidingo. Labo abathi ngeke bemthathe owesifazane ozele kuyisinqumo sabo lokho, nokiyisinqumo esihambisana nosiko lwabaNtu.

Esikhundleni sokuthi abesifazane behlasele usiko, kungani bengahlaseli indlela yokuziphatha nezinqumo zabo?

Comments

Popular posts from this blog

ILABATHEKA/INKOMFE

UMNUKELAMBIBA

UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.