UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.
Idlozi elingageziwe liyenzisana amanyala angamukelekile osikweni-mpilo lwakobaNtu. Lokhu kuhlanganisa:
* Ubufebe(okudalwa yimizwa ephezulu nengalawuleki.
* Ukuphuza utshwala ngokweqile, ungakwazi ukuzilawula, uphuze ngisho usungathandi nawe uze ubone ukuthi kunalento ekuphuzisa utshwala ngenkani. Abanye baze babone izinto eqzifihlakele uma bephuzile kuphela, ezithole esehlolela abaNtu khona la.
* Ukuthanda ukulala nabaNtu bobulili obufana nobakho; noma ufune ukuzenza ubulili okungebona obakho.
* Ukuganga, ukhuzwe ngapha nangapha, uyeba, awufuni ukuphila impilo eqondile nokugcina kukwenze uphume ungena emajele; nokugcina ekufeni.
Kuningi kakhulu engingakubala. Inkinga enkulu ke isekutheni noma umuNtu esekutholile ukuthi unabaNtu abadala, abaNtu abazibiza ngabelaphi, ogobela, iningi lapho liyehluleka ukuhluza isimo sedlozi eliphila kuloyo muNtu, ukuze lelapheke phela, umuNtu abuyele esimweni sempilo eqondile.
Into eyenzekayo ukuthi abaNtu bayangena emaphehlweni, benziwe into okungeyona abayizele. Uma ufika khona umuNtu akelashwa ngokwesimo sakhe, kulalelwe nabaNtu bakhe, kodwa ugobela uzothi: “La ekhaya kwenziwa kanje. Nami ngathwasa kanje. Ngiyayazi lento engiyenzayo” kube sezonakele ke izinto.
Sekwazi yena ukuthi kumele enzeni, akathathi lutho kumnikazi wendaba nabakubo.
Lokho ke kudala izimo esizibona zenzeka, uthole ukuthi umuNtu usephothulile konke, kodwa imimoya yakhe ayikaze yelapheke. Leliya khehla elaliphuza kakhulu utshwala namanje lisabuphuza, isangoma asidakwa kanje, bese kuthiwa izangoma yizidakwa. Loya gogo owahamba efeba, namanje usafeba, isa(za)ngoma sifeba emgidini.
Ukuyothwasa akusho ukuthi umuNtu kumele ayofunda imithi kagobela, agaxwe izimfiso, ubuhlalu anikwe amashoba abuyele ekhaya. Kujule kakhulu, umuNtu nomuNtu kumele athwase/athwasiswe ngendlela yakhe engeke ifane neyomunye. Ayikho into yokuthi: “Lapha ekhaya kwenziwa kanje.” Akukhona ukuthwasa lokho, kodwa ukuthwaliswa ungazi.
Eqinisweni elimsulwa abaningi abangeke belithande, ukuthi:
UmuNtu ozothwasa nophiwe isiphiwo ngabakubo, akadingi kufakwa izinto emzimbeni wakhe i.e. akadingi mabhodlela azolengiswa emzimbeni wakhe, akadingi kugcatshwa etc. Udinga impande yakubo, ukuze abaNtu bakhe bezohlambuluka bathole amandla okumenzela konke lokhu osufuna kwenziwe yilezi zinto asegcatshwa ngazo nasezilengisa emqaleni.
Comments
Post a Comment