ILABATHEKA/INKOMFE
Indoda Yamaqiniso | Tuesday, June 21, 2022
Lelikhambi ngesiZulu silibiza ngokuthi yilabatheka/yinkomfe/yidumbe lentaba. KwaXhosa bathi yinongwe/yixhalanxa, yikhubalo lezithunzela.
Umuthi lona oyikhubalo nonamandla amakhulu nasabekayo. Akuyona into yokudlala. Uyaphilisa, uyabulala futhi. Umuthi wezimanga lona okuthi uma uwudlile, noma uwudla, kungabi nasifo nesisodwa esikwazi ukumelana nomzimba wakho. Uma uye emtholampilo bakutshela ukuthi unegciwanethizeni, leli abathi alilapheki, lomuthi, uthakwe nomunye noma uwodwa, uyawusebenzisa njengomshanguzo. Angizikukhuluma okuningi ngalo la esidlangalaleni ngoba ngizoboshwa, nezifundiswa zithi ngidukisa abaNtu, nazo zibe zingazi lutho.
Mina ngilibiza ngoNkulunkulu wemithi. Uma ngihlanganisa izinganisela zamakhambi angilishiyi nangephutha. Uma ngingalifakile, kuyefana nokuthi kushodwa uhhafu wonke walokhu engisuke ngikuhlanganisa. Yilona elikwazi ukuvusa yonke imithi osuke uyisebenzisa ibe namandla, ngolimi lwezilwane ezaphuma olwande singathi phecelezi yi-activating agent.
Nani enithenga imithi emakhemisi, esishaywe yinqwaba yezithunzi, anobojwayela ukuyivusa ngaye usobaba lo.
Uyakwazi ukupheka ngalo ukudla, noma ulidle lodwa (raw), noma wenze i-smoothie ngezithelo zakho ozithandayo.
Ngalo nje lilodwa, uyakwazi ukucupha umthakathi nabakugadlayo. Ngeke ngigxile kakhulu lapho futhi la esidlangalaleni. Uboke uthi uma usulala uluthathe ulithi fafa phezu kwamalahle odengezini, ulikhulumise, kodwa ungabizi gama lamuNtu, bese uvala umlomo. Kwenze lokhu ikakhulukazi uma nihlushwa yisikhova/yizikhova ekhaya. Sizokhala kabili, kathathu, emumva kwalokho siyozwakala sikhala la sisuka khona.
Uma uke wakhanyisa ikhandlela elibomvu nelimnyama ngesikhathi ushisa lona, usuke usulwa kakhulu, kukhona ozofa lapho. Qaphela.
Ngesigaxa sakhona esisodwa, sidodwa nje, uyakwazi ukucupha umfazi, engaphinde afune enye indoda. Noma usufile, uyohlala ekhaya, ethi uma ekhumbule indoda, aye ethuneni lakho.
Uzozwa-ke, sebezothi ngiyathakatha. Olifunayo nelingekho ekhona, engathinta kuwathaphu, noma ku-inbox.
Yenzani ucwaningo ngaleli khambi isizwe singafi siphele zikhona izihlahla zikaMvelikuqala noKhulukhulwana.
Wenza kanjani?
ReplyDeleteNgicela I number yakho
Delete