ISIBONGO SAKHO

Indoda Yamaqiniso | Sunday, Junuary 05, 2019

Uma uzalelwe komalume ungenzelwe lutho ohlangothini lukababa, kusuke kudlalwa ngawe uma kuthiwa bheka isibongo sakho ngoba usuke ukini lapho, ekhaya komama, usedlozini lakho langempela elikulandela ngisho unyoko esegane kubo kobaba wakho.

Yingakho kuthiwa umuntu wesifazane uyagana, ngoba kusuke kugana idlozi lakubo, hhayi umuntu, umuntu usuke ephelezela ngokwenyama, eyokwandisa umndeni azale abantwana lande idlozi kulowo muzi. "Sizocela isihlobo/ubuhlobo esihle/obuhle". 

Yingakho umshado omhlophe kuyinto engekho, umkipito nembudane.

Uma uke wakwenza ukuthi uzikhiphe uthi uyofuna isibongo sakho, sekuyobe kuwukuqala kwezinkulu izinkinga eziyokwehlela kuso sonke isizukulwane sakho. Usukele umlilo uzihlalele, uzowotha ushisa unjalo

Uma uzalelwe ekhaya komama uyatshelwa ukuthi wena wazalwa yisende lakwabani, kodwa ungowala ekhaya ngokusemthethweni nangokugcwele, futhi wena izinto zakho zingahamba kahle ukudlula abantwana abazalwa ngamadodana uvuse lomuzi. Awoke ukunake lokho.

Kwenziwa yini lokho na?

Uboke ubheke izalukazi uma zisaphila azifuni lutho ngezingane zamadodakazi okuyinto eqhatha omakoti nomamezala babo ngoba abayiqondi lento ukuthi ujule kanjani. Noma sezingale ezweni lomoya izalukazi kuba njalo. Abantu besimame ngokudalwa ngumMvelinqangi banamandla ukudlula abesilisa.

Asiyeke ke ukudukiswa abathandi bemali, abathandazi, izinyanga-mbubulu nezangoma-mbumbulu bethi funa isibongo sakho. Bakudukisa okokugcina.

Umuntu okungathiwa akafune isibongo sakho yilowo umama wakhe angamtshelanga ukuthi asazi, noma wamtshela okungesona.

Comments

Popular posts from this blog

ILABATHEKA/INKOMFE

UMNUKELAMBIBA

UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.