IDLOZI NETHONGO.

Indoda Yamaqiniso | Friday, October 29, 2021.

YINI UMEHLUKO PHAKATHI KWEDLOZI NETHONGO? YIZINTO EZIMBILI LEZI EZINGEFANI.

Akulona ithonga. Yithongo. AmaThonga abaNtu abaphilayo bangapha eNyakatho nezwe lakwaZulu.

Amathongo abaNtu bakini abahambe emhlabeni bengenawo amacala, abayihambe kahle indlela yabo, kwathi uma sebedlula emhlabeni badlulela esigabeni esilandelayo sokuba yizingelosi.

Baxhumana nathi ngobuthongo uma silele, nabo belele, bese kuthiwa siyathonga nokususelwa egameni ubuthongo. UmuNtu ongenwe yithongo akathwasi, uxhumana ngqo nomnikazi wendaba ebuthongweni, amafundise konke okumele akwazi. Umtwana wethongo akahlupheki njengomtwana wedlozi.

Idlozi lona abaNtu bakini abahambe emhlabeni benamacala noma bengaliqedanga ibanga labo ababekade belibekelwe. Bathi bengadlula emzimbeni wenyama bavimbeke bengakwazi ukudlulela esigabeni sokuba ngamathongo.

Into abayenzayo ke bayabuya beze kwabegazi labo abasaphila enyameni, bebuye ngesidlozana nokuyilona gama okususelwa kulo igama ‘idlozi’. Lokhu kusho ukuthi bakwenzisa abakufunayo ngenkani, abancengi futhi ababuzi. UmuNtu osuke engenwe yidlozi usuke ebanjwe ngesidlozana ngumuNtu ohambe emhlabeni engaphelelisile noma engenzile kahle, washayisa phambili.

UmuNtu ongenwe yidlozi ujwayele ukuhlupheka, ahlukumezeke kakhulu ngaphambi kokuthi kulunge izinto. Lokhu kuhlanganisa ukuhamba uyothwasa emizini yabaNtu, uhlukunyezwa, ushwaywa wenziwa konke okubi esikwaziyo. Ngeke ngikubale konke la.

Uma ke esengene kuwe wena ophilayo, uma umenzele kahle akufunayo, ube eseyabonga, ahlambuluke abe yingelosi enhle kuwe nakini nonke ekhaya. Ube esekupha konke okufunayo, ababona kukufanele, noma okucelayo.

Comments

  1. Ngabe amaDlozi anamandla yini ekuvimbeni amathongo kuth axhumane nathi kuze kulunge lezinking amadlozi asuke esesithwese zona?

    ReplyDelete
  2. This comment has been removed by the author.

    ReplyDelete
  3. This comment has been removed by the author.

    ReplyDelete

Post a Comment

Popular posts from this blog

ILABATHEKA/INKOMFE

UMNUKELAMBIBA

UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.