IMBELEKO
Imbeleko yenzelwa umtwana wokuqala kankosikazi oganile, ogcagcile ngokusemthethweni nothelwe ngenyongo.
Kuye kuthi uma esekhulelwe abuyele kubo uma sekuzondele izinsuku zakhe zobeletha ayomtholela kubo umtwana wokuqala belu. Uma esemtholile ubaba wakhe, umhlabela imbuzi umzukulu osefikile emhlabeni bese kuthathwa isikhumba sayo sishukwe kwenziwe le mbeleko azobelethwa ngayo.
Emumva kwalokho bayaziswa abakubo komntwana ukuthi unkosikazi wabo useyabuya nomtwana, kugaywe utshwala kubo komtwaba nokuzophuma kubona ukhamba azongeniswa ngabo ekhaya. Kuba nokhamba olubekwa esangweni, olunye lusemsamo endlini enkulu/endlini yangasenhla. Ungena ngalo lolu olusesangweni, amukelwe yilolu olusemsamo.
KUNGANI KWENZIWA IMBELEKO, YENZELWA BANI?
Uma umtwana wokuqala enzelwa imbeleko, usuke eyolanda isidalwa/ingelosi yakubo kamama wakhe eyiletha ekhaya, emzini kababa wakhe, ngoba isidalwa sakubo kamama yisona esinamandla ukudlula zonke empilweni yomuntu jikelele. Ngaphandle kwaso ungumuntu ongaphelele.
Yisona esisibekele impilo yakho, yingakho kumele ingane yokuqala izalelwe ezandleni zaso, igonwe yisona kuqala. Kusuke kulandwa umsamo wayo, uzohlanganiswa nowakubo kababa, kuqedelwa leya nkulumo eyayithethwa yikhehla esigcawini mhla kugcagca unina nangesikhathu ethelwa ngenyongo enziwa umfazi ophele walapha ekhaya.
Umtwana ubelethwa ngayo le mbeleko aze akhule, kuthi uma esekhulile isongwe, ibekwe emsamo. Bonke abantwana balayikhaya abalandela lona wokuqala sebeyobelethwa ngayo, bonke. Asisekho isidingo sokuthi laba abalandela yena benzelwe imbeleko. Ngiyayiphinda le:
Akwenzelwa wonke umtwana imbeleko, kwenzelwa owokuqala ozalelwe emshadweni.
Noma kuthiwa kwenzeke ingozi noma inxaphephe wadlula emhlabeni umtwana, iyabekwa ukuze ibelethe abanye abalandelayo, nokuyilapho kuqhamuka khona isisho sesiZulu esithu:
Akulahlwa mbeleko ngakufelwa.
Ngokwazi kwami imbeleko ayenzelwa umlanjwana, ngoba umlanjwana owakubo kamama wakhe, idlozi lakhe lilapho yilona vele elimphethe. Uzomenzelelani imbeleko ekubo, ngoba kubo kababa wakhe akukhona kubo ngokomthetho, futhi akazange akhishwe kulomuzi nomama wakhe akagcagcanga. Kodwa ke ngokulahleka kolwazi siyaziphambanisa izinto, sikhohliswe nangabathandazi-mbumbulu, izinyanga-mbubulu nezangoma-mbumbulu.
Kodwa-ke ningaqhubeka nenze okwenu egameni lembeleko, uma ingenziwanga kanjena, akuyona. Kuyobe nje kungumkhuba wakulowo muzi.
Comments
Post a Comment