Posts

Showing posts from January, 2022

UKWELASHWA NOKWELAPHEKA KWEMIMOYA YABANTU ABADALA.

Idlozi elingageziwe liyenzisana amanyala angamukelekile osikweni-mpilo lwakobaNtu. Lokhu kuhlanganisa: * Ubufebe(okudalwa yimizwa ephezulu nengalawuleki. * Ukuphuza utshwala ngokweqile, ungakwazi ukuzilawula, uphuze ngisho usungathandi nawe uze ubone ukuthi kunalento ekuphuzisa utshwala ngenkani. Abanye baze babone izinto eqzifihlakele uma bephuzile kuphela, ezithole esehlolela abaNtu khona la. * Ukuthanda ukulala nabaNtu bobulili obufana nobakho; noma ufune ukuzenza ubulili okungebona obakho. * Ukuganga, ukhuzwe ngapha nangapha, uyeba, awufuni ukuphila impilo eqondile nokugcina kukwenze uphume ungena emajele; nokugcina ekufeni. Kuningi kakhulu engingakubala. Inkinga enkulu ke isekutheni noma umuNtu esekutholile ukuthi unabaNtu abadala, abaNtu abazibiza ngabelaphi, ogobela, iningi lapho liyehluleka ukuhluza isimo sedlozi eliphila kuloyo muNtu, ukuze lelapheke phela, umuNtu abuyele esimweni sempilo eqondile. Into eyenzekayo ukuthi abaNtu bayangena emaphehlweni, benziwe into okungeyona a

UKUBALULEKA KOKUTHANDA IZINWELE ZETHU NJENGOBA ZINJALO.

Image
Indlela ozibuka ngayo izoshintsha indlela obuka ngayo izinto, iphinde ishintshe indlela wena obukeka ngayo emphakathini nasezweni jikelele. Kuqala kuwe ngaphakathi, ngokuthi uzithande wena, uziqhenye ngesidalwa odaleke waba yisona. Kuzokwenza ubone ukubaluleka kwesidalwa oyisona, nesidingo sokuthi usivikele ekutheni igazi lethu lingadungeki, futhi kungabi bikho okusihlanganisa nezinye izizwe, ngaphandle kokuhwebelana.  Ikusasa lanoma yisiphi isizwe lilele kulokhu. Kanjalo nokubulawa kwaso, vice-versa. Lesi yisisekelo esibalulekile okumele sisakhele izingane zethu. Masifundise abesifazane bethu khona bezofundisa izingane zethu, ukuthi mabayeke lamanyala okushisa izinwele zabo, maqede bezilalise phansi, befuna ukuba zibukeke njengezezizwe ngokudalwa esingaphezulu kwazo. Izinwele zethu azidalelwala ukulala phansi njengezalabo abaphuma emigedeni yeqhwa. Zidalelwe ukubhela phezulu zixhumane nelanga. Singabantwana belanga u-Amun Ra - izidalwa ezinebala elimnyama. Yingakho thina ngokudalwa kw

NGABE USIKO YILONA OLUYINKINGA, NOMA YINDLELA YOKUZIPHATHA?

Indoda Yamaqiniso | Wednesday, January 19, 2022 Uma abaNtu besifazane becabanga ukuthi usiko luyabacindezela uma kuthiwa indoda akumele ithathe umuNtu wesifazane osezele njengomfokazi wokuqala, kungani bengakucabangi futhi bengakusho ukuthi usiko luyabacindezela abesilisa ngokuthi yibona abalobolayo, bekhiphe izibizo, benze ama-loan asabekayo ukuze ashade yena emulethe emzini wakubo? Kungani bengakucabangi ukuthi umuNtu odlula kubo bonke lobu bunzima, egameni lokuba nomfazi, unelungelo lokuzikhethela ukuthi udinga UmuNtu onjani emabaleni akubo, elandela usiko nemikhuba yakubo, yabadala abazayinzalabaNtu kuyena? Kungani lejenda ifuna ukuphoqa ukuthi ithathwe ngenkani? UmuNtu ofuna ukuthatha umuNtu osezele unelungelo lokukwenza lokho. Naloyo ongafuni naye futhi unelungelo lokukwenza lokho, aphinde abe nelungelo lokukhuluma esidlangalelani ngokuthi luthini usiko lokhokho bethu. UmuNtu engimzwelayo mina nengingama naye, yiloyo owanukubezwa, wadlwengulwa wagcina ngokuthola ingane engahlosil