ILABATHEKA/INKOMFE
Indoda Yamaqiniso | Tuesday, June 21, 2022 Lelikhambi ngesiZulu silibiza ngokuthi yilabatheka/yinkomfe/yidumbe lentaba. KwaXhosa bathi yinongwe/yixhalanxa, yikhubalo lezithunzela. Umuthi lona oyikhubalo nonamandla amakhulu nasabekayo. Akuyona into yokudlala. Uyaphilisa, uyabulala futhi. Umuthi wezimanga lona okuthi uma uwudlile, noma uwudla, kungabi nasifo nesisodwa esikwazi ukumelana nomzimba wakho. Uma uye emtholampilo bakutshela ukuthi unegciwanethizeni, leli abathi alilapheki, lomuthi, uthakwe nomunye noma uwodwa, uyawusebenzisa njengomshanguzo. Angizikukhuluma okuningi ngalo la esidlangalaleni ngoba ngizoboshwa, nezifundiswa zithi ngidukisa abaNtu, nazo zibe zingazi lutho. Mina ngilibiza ngoNkulunkulu wemithi. Uma ngihlanganisa izinganisela zamakhambi angilishiyi nangephutha. Uma ngingalifakile, kuyefana nokuthi kushodwa uhhafu wonke walokhu engisuke ngikuhlanganisa. Yilona elikwazi ukuvusa yonke imithi osuke uyisebenzisa ibe namandla, ngolimi lwezilwane ez