NGABE KANTI UBANI UMDALI/UNKULUNKULU, IZINGELOSI/IZITHUNYWA, AMATHONGO NAMADLOZI?
Akukho ukungabaza okumele kube khona ekutheni omkhulu komkhulu - uNkulunkulu, ukhona futhi uyaphila. Indaba isekukuqondeni kwakho ukuthi uyini, nokuthi ukhetha ukumubiza ngani. Akayena umuNtu, kodwa unezidalwa ezingaphezu komuNtu ezimele yena nakakhuluma kuzona, ngqo!!! Genesis 1:26 “Masakhe isidalwa esingumfanekiso wethu, esizofana nathi siphinde sibe nofuzo[ulibofuzo] lwethu” Akuyena umuNtu oyedwa owabe ekhuluma lapha, kodwa kwakuyisivumelwano phakathi kwezwi nomqondo ongaphezu kwakho, likhuluma nalabo abaseduze kwalo abakhiwe bafana nathi nokuyibona abakha thina. Yilezi zidalwa esithi thina yizingelosi. Encwadi ka-Enoch, neyakhishwa ngama-Roma ohlwini lwezincwadi ezisebhayibhelini, u-Enoch lamadoda uwabiza ngokuthi “abaqaphi”, phecelezi “The Watchers”. Lezi yizidalwa ezehlukene kaningi, eziyingxenye yezwi nomqondo okungaphezu kwakho konke, lokhu esithi uNkulunkulu, nesingakwazi futhi esinge sikwazi thina ukuxhumana naye ngqo. Uma sisaphila enyameni, ukuze sifinyelele kuyena kumele s