IDLOZI NETHONGO.
Indoda Yamaqiniso | Friday, October 29, 2021. YINI UMEHLUKO PHAKATHI KWEDLOZI NETHONGO? YIZINTO EZIMBILI LEZI EZINGEFANI. Akulona ithonga. Yithongo. AmaThonga abaNtu abaphilayo bangapha eNyakatho nezwe lakwaZulu. Amathongo abaNtu bakini abahambe emhlabeni bengenawo amacala, abayihambe kahle indlela yabo, kwathi uma sebedlula emhlabeni badlulela esigabeni esilandelayo sokuba yizingelosi. Baxhumana nathi ngobuthongo uma silele, nabo belele, bese kuthiwa siyathonga nokususelwa egameni ubuthongo. UmuNtu ongenwe yithongo akathwasi, uxhumana ngqo nomnikazi wendaba ebuthongweni, amafundise konke okumele akwazi. Umtwana wethongo akahlupheki njengomtwana wedlozi. Idlozi lona abaNtu bakini abahambe emhlabeni benamacala noma bengaliqedanga ibanga labo ababekade belibekelwe. Bathi bengadlula emzimbeni wenyama bavimbeke bengakwazi ukudlulela esigabeni sokuba ngamathongo. Into abayenzayo ke bayabuya beze kwabegazi labo abasaphila enyameni, bebuye ngesidlozana nokuyilona gama okususelwa kulo igama ‘i