IMBELEKO
Imbeleko yenzelwa umtwana wokuqala kankosikazi oganile, ogcagcile ngokusemthethweni nothelwe ngenyongo. Kuye kuthi uma esekhulelwe abuyele kubo uma sekuzondele izinsuku zakhe zobeletha ayomtholela kubo umtwana wokuqala belu. Uma esemtholile ubaba wakhe, umhlabela imbuzi umzukulu osefikile emhlabeni bese kuthathwa isikhumba sayo sishukwe kwenziwe le mbeleko azobelethwa ngayo. Emumva kwalokho bayaziswa abakubo komntwana ukuthi unkosikazi wabo useyabuya nomtwana, kugaywe utshwala kubo komtwaba nokuzophuma kubona ukhamba azongeniswa ngabo ekhaya. Kuba nokhamba olubekwa esangweni, olunye lusemsamo endlini enkulu/endlini yangasenhla. Ungena ngalo lolu olusesangweni, amukelwe yilolu olusemsamo. KUNGANI KWENZIWA IMBELEKO, YENZELWA BANI? Uma umtwana wokuqala enzelwa imbeleko, usuke eyolanda isidalwa/ingelosi yakubo kamama wakhe eyiletha ekhaya, emzini kababa wakhe, ngoba isidalwa sakubo kamama yisona esinamandla ukudlula zonke empilweni yomuntu jikelele. Ngaphandle kwaso ungumuntu o